A. Heyi, Mshayeli weTekisi!
B. Bheka amasondo akho!
b. Bangani, amatekisi anikeza usizo olubaluleke kakhulu kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Sethembele kini ukuthi nisifikise siphephile lapho siya khona. Kodwa-ke eqinisweni aphephe kangakanani amatekisi enu?
Bheka amasondo akho! Amasondo akho abaluleke kakhulu. Khumbula ukuthi yiwona kuphela axhumanisa umgwaqo, netekisi kanye nabagibeli. Amasondo akho angenza umehluko phakathi kokuphila nokufa.
Uqinisile. Siyabonga ukusikhumbuza.
Esikhathini esedlule sike sangazinaka ezokuphepha. Kodwa sizinikele ekukhuphuleni izinga kule mboni yethu!
Ukuphepha kwabagibeli bethu kuphezulu ohlwini lwezinhlelo zethu.
Ngemva kokuba sesikhulume nawe, sazi kahle ukuthi kumele siqale kuphi - ukulondoloza amasondo!
Yebo! njengabagibeli, impilo yethu isezandleni zenu! Nikhumbule ukuthi - imindeni yethu iyasidinga!
Imindeni yenu iyanidinga nathi siyanidinga nezwe lenu liyanidinga. Angeke sakumela ukulahlekelwa umphefumulo owodwa nje ngenxa yokunganaki nobudedengu. Abagibeli kufanele bathuthwe ngokuphepha!
Amasondo alungile + nabashayeli abalungile = ukuphepha emigwaqeni.
Ngiyanibonga ukuthi lolundaba niluthathe njengolusemqoka!
a. Nguwena lona?
b. Ngena, ngena!
Sisenebanga elide esisazolihamba.
Hayi, Mama, unganela!
Ngethemba ukuthi uwabhekile amasondo akho.
Amasondo Akhona onke - elokuqala, elesibili, elesithathuelesine. Yebo ! Amasondo alungile?
Awunaso yini isipele?
Kuyini ukushayela! Ukhuluma ngokudlala ngokufa!
Lomshayela kubonakala sengathi akazi lutho ngamasondo aphephile!
Uqinisile! Noma ubani ongawanakekeli amasondo akhe udlala ngokufa.
Ngisho ukuthi amasondo angalungile abanga izingozi!
Izikhathi eziningi amasondo afakwa ngendlela engalungile, noma abe sezingeni eliphansi!
Kufana namasondo asebushelelezi!
Amasondo angalungile asilahlekisela ngezimpilo zethu!
Uma nje bonke abashayeli bengafunda ngokufaka nokunakekelwa kwamasondo.
Uqinisile. Ngesonto eledlule ngiqhunyelwe yisondo, ngenhlanhla akulimalanga muntu, kodwa amasondo amasha adla imali eningi.
Nakho- ke! Unenhlanhla. Abantu bafa masonto onke ngenxa yokuthi abashayeli nabanini bamatekisi abafaki amasondo ngendlela efanele nokuthi bawanakekele kahle.
Uyafuna ukuqiniseka ukuthi akuwena oyimbangela yezingozi - ngisho nokufa imbala?
Uyafuna ukonga imali Uma ufuna hlola amasondo akho! Funda ukunakekela amasondo akho?
Kufanele siwazi amasondo ethu, sijwayele ukuwabheka, silungise okungalungile ngokushesha siwagcine esesimweni esihle esigculisayo - amasondo achitshiyelwe, agugile, nangazinzile abanga izingozi!
Amasondo akho afana nezithende zezicathulo zakho. Uma izithende zakho zibushelelezi, zonakele, ungashelela uzilimaze.
Amasondo awakwazi ukukhuluma.
Ngakho-ke kusemahlombe ethu, nabanini bamatekisi, nabashayeli ukuhlola okonakele nokukulungisa ngaphambi kokudala izinkinga!
Amasondo ezimoto okusetshenzwa ngazo ahlukile kulamasondo ajwayelekile. Amasondo ajwayelekile awaqinile ngokwanele ukuba angathwala abagibeli betekisi.
Isondo lemoto okusetshenzwa ngayo linohlamvu u-C ngemuva kwenombolo yesisindo.
Uma ngabe isondo lilincane kakhulu noma lilikhulu kakhulu, linganyomuka ensimbini yesondo. Kufanele kube ubukhulu obufanele.
Buza uMthengisi wamasondo ngobukhulu obungele imoto yakho, noma ufunde ibhuku lakho.
Uma ngabe isondo lilincane linganyomuka ensimbini yesondo.
Ungazibeki ebucayini bokuqhunyelwa okungabanga ingozi enkulu. Ngaso sonke isikhathi uma ufaka isondo elisha, faka nepayipana lomoya elisha, futhi.
Amapayipana omoya awabizi imali eningi, ashibhile.
Qiniseka ukuthi insimbi yesondo isesimweni esihle.
Uma ngabe insimbi yesondo yonakele, ingenza isondo liphume umoya ngokushesha noma linyomuke ensimbini.
Hlola izinsimbi zamasondo emoto yakho njalo. Uma kukhona eyonakele, faka enye noma ucele umuntu owaziyo okufundele ayilungise.
Umoya ongalungile wenza isondo lakho liguge ngokungalingani futhi lisheshe liphele imizila.
Ukuhlola umoya njalo uma uthela uphethroli nokufaka umoya ofanele kukunikeza isiqiniseko sokuthi isondo lakho likuqhube isikhathi esifanele - okukusiza ngokonga imali!
Isondo lakho lingathamba ngokushesha esontweni lokuqala ulifakile uma lingafakwanga kahle noma ipayipi elivuza umoya. Bheka umoya emasondo akho nsuku zonke ngesonto lokuqala ufake amasondo amasha. Ngemva kwalokho, ubheke umoya emasondweni akho ngokuvamile.
Noma imuphi umshayeli kufanele abe nesakhe isikali sokukala umoya. Izikali zomoya ezitholakala emagalaji kuyenzeka zingasebenzi.
Umoya wamasondo ongalungile yiwona oyimbangela yezingozi zamatekisi eziningi. Zijwayeze ukuhlola umoya emasondweni akho.
Qinisa amabhawodi emasondweni.
Izingozi eziningi zenzeka ngenxa yokuthi umshayeli acabange ukuthi uzohamba noma amabhawodi engaphelele.
Ungalingi ushayele imoto enamanati axegayo noma angaphelele.
Ngeke kumbe eqolo nje lokhu kulondolozwa kwamasondo?
Ungafaka amasondo ashibhile futhi ungawanakekeli - kodwa lokhu kungakulahlekisela ngempilo yakho.
Lokho kubiza kakhulu kunamasondo esesimweni esihle nanakekelwe ngokufanele.
Ungacabangi ukuthi okushibhile yikhona okungcono! Amasondo ashibhile - kufana namasondo angamasekeni, noma alungiswe kabusha noma achitshiyelwe - angakulahlekisela ngempilo yakho nabagibeli bakho. Ungalingi ufake amasondo achitshiyelwe noma alungiswe kabusha.
Amasondo ashibhile adla imali eningi ekugcineni- ngoba adinga ukunakekelwa kakhulu futhi awaqhubi isikhathi eside njengamasondo amasha. Amasondo aseqophelweni aliphezulu angabiza imali eningi kodwa yiwona ashibhile ekugcineni ngoba kulula ukuwanakekela futhi aqhuba isikhathi eside.
Ukuthwalisa imoto ngokweqile kubangela ukuguga kwamasondo futhi angaqhuma, okubangela izingozi nokufa.
Ungacabangi ngokushibha kwamasondo.
Cabanga ngokonga ngamasondo nokuphepha kwabagibeli bakho.
Cabanga ngokonga ngamasondo?
Ubude bomzila wesondo kufanele bube ngu-1,6 mm yonke indawo.
u -1.6mm ulingana nobubanzi bothi lukamentshisi.
Uma isondo lakho linomzila ongaphansi kuka 1,6mm noma kuyiphi indawo.
Ukuthwalisa imoto ngokweqile kuyingozi!
Leyo naleyo tekisi ivunyelwe ukuthwala inani elithile labagibeli. Uma uthwala abagibeli abeqile enanini elifanele ulimaza umgwaqo nemoto. Wephula umthetho futhi ubeka ebucayini impilo yakho!
Ngikujezisela ukuthwalisa imoto ngokweqile! Ungangikhombisa incwadi yakho yokushayela Ngabe kade uphuza Ungaphuma emotweni yakho ukuze ngihlole ukuthi ikulungele yini ukuba semgwaqeni?
Cishe yonke into idinga ukunakekelwa uma ufuna ihlale noma iqhube isikhathi eside.
Akusizi ukuba nemoto enhle namasondo amahle uma ungawanakekeli. Kanti futhi nawe ufuna ukuthutha abagibeli bakho ngokuphephile.
Ukulondoloza konga imali. Ukunganakekelwa kwezimoto yikhona okuyimbangela enkulu yezingozi emgwaqeni. Ungavumi kube nguwena engozini elandelayo!
Ukunakekela kusho ukujwayela ukuhlola nokulungisa okungalungile.
Kungabe wena noma abashayeli bakho bayazinika izikhathi ukwenza lokhu?
Zinzisa amasondo akho.
Amasondo angazinzile enza imoto idonsekele nganxanye.
Wake wayibona itekisi ihamba ikekela njengenkalankala Lokhu kwenziwa ukungazinzi kwamasondo. Ngeke ukwazi ukulawula imoto yakho ngokufanele. Lokhu kungadala ingozi?
Lokhu kudla imali ngoba amasondo angazinzile agugisa irabha yamasondo akho.
Amasondo angazinzile kahle enza amasondo aguge ngokungalingani futhi alimaza amabheringi . Ukuhambisa imoto yakho ukuba iyolungisa kudla imali.
Shintshela ngemuva isondo langaphambili ngasonhlangothini olufanayo njalo uma usuhambe amakholomitha ayi-10 000. Lokhu kusiza ukuba amasondo akho ahlale isikhathi eside.
Amashokhi abhzobha asegugile abanga ukuguga kwamasondo ngokushesha. Ekugcineni lokhu kufuna imali kuwe.
Amashokhi abhzobha agugile athikameza isitelingi bese umshayeli angakwazi ukulawula kahle itekisi - okuyimbangela yezingozi.
Ukufaka umoya omningi kugugisa imizila yamasondo phakathi naphakathi nesondo. Bese isondo liyaqhuma njengebhaluni.
Ukufaka umoya omncane kwenza amasondo ashise kakhulu. Isondo elishisa kakhulu liqhuma kalula.
Ngakho-ke kokubili ukufaka umoya omncane noma ukufaka umoya oningi ngokweqile kudala ukuqhuma kwamasondo. Zijwayeze ukubheka umoya wamasondo akho zonke izinsuku uma uzohamba ibanga elide.
Ngishintshanise amasondo njalo ngemuva kokuhamba amakhilomitha ayi-10 000.
Ngiqiniseke ngomoya ofanele kulelo nalelo sondo!
Izenzo ezimbi zidla imali yakho!
Kubukeka sengathi umngani wethu unenkinga yamasondo. Ukuba ubesilalele!
Bahamba abagibeli bami!
Kodwa bengingalungisi ngani lelisondo ngokushesha?
Hlola amasondo akho NGOKUNAKEKELA. Zijwayeze ukwenza lokhu! Amasondo alungile onga imali ekugcineni.
Ngenze ubuwula ngokunganakekeli amasondo ami!
Ukuba bengijwayele ukuwahlola ngabe ngikugwemile lokhu - futhi ngabe angilahlekelwanga ngabagibeli bami.
Lungisa izinkinga ngaphambi kokuthi zithathe isikhathi imali kanye nezimpilo!
Uma ngabe isondo lakho liqhuma, unganyatheli amabhuleki ngokungazelele. Nciphisa ijubane kancane kancane, ngokusebenzisa amagiya. Bese uyama endaweni ephephile, ngaphandle komgwaqo, ukuze ushintshe isondo lakho. Hlala unesondo eliyisipele nelinomoya owanele!
Zilawule wena kanye nemoto yakho ngaso sonke isikhathi.
Yenza ukuba amasondo akho ahlolwe njalo ngemuva kokuhamba amakhilomitha ayizi-10 000 ngumuntu owaziyo umsebenzi futhi gcina amarekhodi amakhilomitha owahambile nokulungiswa kwamasondo.
Ngaphambi kokuba ususe imoto, bheka loluhla!
Ngabe ama-idikhetha nezibani kuyasebenza?
Ngabe amabhuleki ezinyawo namabhuleki esandla ayasebenza?
Ngabe isitelingi sisebenza ngokufanele?
Ngabe amanzi nowoyela kuyavuza?
Ngabe amasondo akho angamasondo ezimoto okusetshenzwa ngazo?
Ngabe isondo lakhe liyisilinganiso esifanele sensimbi yesondo lakho?
Ngabe kunezimpawu zokuguga nokudabuka, njengemifantu noma ukuhlubuka?
Ngabe wonke amasondo anomoya owanele?
Ngabe ukuhlolile ukuqonda kwamasondo nokuzinza?
Ngabe uwashintshanisile amasondo akho ngemuva kokuhamba amakhilomitha ayi-10 000?
Ngabe imizila yamathaya ingu-1.6mm yonke indawo ezungeze isondo?
Ngabe uyafuna ukuqiniseka ukuthi wena nabagibeli bakho niphephile, ibhizinisi lakho liyaphumelela nokuthi awuphuli umthetho?
Nakekela amasondo akho!
Ukwanda kwezingozi nokufa kwabantu emigwaqeni - kanti bekungavimbeleka!
Ngokuhlola, ukunakekela nokulondoloza amasondo akho.
Amasondo - izinto ezilula kanje kodwa ziyimbangela yokufa kwabantu abaningi.
Abashayeli bamatekisi nabanini bamatekisi abanakekela amasondo abo bangavimbela izingozi nokufa kwabantu. Abanini bamatekisi abaqinisekayo ukuthi abashayeli babo banakekela amasondo abo bavimbela izingozi, futhi bayazuza nangokwezimali, futhi bashintsha nendlela okubhekwa ngayo ibhizimisi yamatekisi.
Asiqede ukufa kwabantu emigwaqeni manje!
Kuleli bhukwana ungafunda ngokufaka amasondo ngendlela eyiyo, ukugcina umoya ofanele emasondweni , ukuvimbela amaphutha ajwayelekile nokukhuphula amazinga okulondolozwa kwamatekisi.
